Leresiphi imnandi kakhulu yehla esiphundu. Icwele uqweqwe oluluhlonzi lama bhisikidi e-Bakers ginger nuts, amapetshisi noshizi we mascarpone le-dessert isofanela no nolimu olunenkani.
Ungadliwa abantu abangu - 6
Imqobelo
- 1 x 200 ama phakethe e-Bakkers Ginger Nuts
- 125 ml ugologo noma ujinjibhiya
- 1 x 410 g ithini lama petshisi asikiwe, akhamiwe aqoshwa
- 450 g ushizi we-marscapone
- 125 ml ushukela ocolisekileyo
- 10 ml vanilla essence
- 250 ml ukhilimu ophehlewe
- 125 ml ivukuza yejinja, esikiwe yaba iziqhephu no oyili woku thosa
- 125 ml ushukela ocolisekileyo (elithexaxa)
- 125 ml ama-alimondi a-cwecwiwe
Isiyalelo
Phula ama-bhisikidi e-Bakers Ginger Nuts abe amaqhafuqhafu. Faka ama qhafuqhafu ama-bhisikidi ayi cezu lwesithathu ngenzansi kwamaglasi amahle.
Fafaza ngogologo noma ujinjibhiya kancane bese ubeka ama petshisi asikiwe ngaphezulu.
Hlangaisa ushizi we-Marscapone no shukela ne vanilla ufake isipuni zale hlanganiso phezulu kwama petshisi.
Faka amanye ama bhisikidi ufafaza ugologo noma ijinjibhiya kancane.
Engeza ngama petshisi asele bese ufaka inhlanganisela ye Marsapone ngaphezulu.
Cina ngoqweqwe lesithathu zama bhisikidi bese ufafaza ugologo noma ujinjibhiya wako woku cina.
Faka isipuni sakhilimu ophehlewe phezulu kwama triffle bese ubeka eceleni. Thosa amacwecwe ajinja epanini elinamafuta ashisayo.
Khama ujinja endwangini yasekhishini usheshisa, ufafaze ushukela ocolisekileyo ngaphezulu
Phambi koku phaka, fafaza ama triffle ngojinja ono shukela ocolisekileyo nama alimondi.
PS: Ukhilimu oluhlaza ushibhile kuno shizi we Marscapone. Ungakhathazeki ungawu sebenzisa ukhilimu ophehliwe.