
Lelikhekhe elinesipayisi lenziwa ngama bhisikidi e-bakers Tennis, ama nati e-pecan, vanilla noju. Lino qweqwe lukashukela ngaphezulu, lilula ukweza futhi limnandi netiye noma emcimbini.
lingadliwa abantu abangu 8 - 10
Imqobelo
Isiyalelo
Beka ama-bhisikidi e-Bakers Tennis nama nati e-pecan emushini i-food processor uwagaye aze abe izimvutu. Susa ufake endishini. Engeza uphawuda woku bhaka, sinamoni nosawoti ugovuze ubeke eceleni.
Phehla isikhupha zamaqanda no hafu wa shukela kuze kubemhloshana bese ufaka i-vanilla. Kwenye indishi phehla amantshu amaqanda abe isithole ufake ushukela obusele kancane, qhubeka uphehle kuze kube uqweqwe olubebushelele.
Songa inhlanganisela yesikhupha zamaqanda enhlanganisweni samantshu amaqanda. Fafaza izimvutu zama bhisikidi ngaphezulu uhlanganise kancane.
Thela inhlanganisela epanini loku bhaka eligcotshiswe ngamafutha ubhake kuhovini onokushisa oku 160oC ama minithi awu 30 – 40 noma kuze umeze uphume uhlansekile.
Eceleni, hlanganisa amanzi abilayo, uju noshukela ocolisekileyo ugovuze uze ushukela uncibilike. Hlakaza lehlanganiso phezulu kwe khekhe elifudumele bese uyalivumela liphole epanini. Susa ikhekhe epanini, fafaza ngosinamoni oxaxa no qweqwe lukashukela uphake.
PS:Ekugcineni ikhekhe leli lingenziwa inoma ubani. Liya dleka futhi lihlala isikhathi.




